18/12/2025
Ngalala nenyoka ngingazi
Bengiyi ntombazane eneminyaka ewu 16 ngase ngenza umatukuletsheni,Ekhaya besiphila impilo ephakathi nje singacebile futhi singahlupheki. Umama wayesebenza kwesinye sezitolo edolobheni bese ubaba esebenza eGoli emafemini. Kwafika ke iskhathi sokuthi sibhale iphepha lika matric umuntu wayese applayile vele koDut eThekwini,Safika iskhathi sokubhala sabhala vele eskoleni ngangihlakaniphile,yonke into engangiyibhala ngangiyazi futhi ngizazi ngizophasa,nase khaya babejabule ukuthi ngize ngafika kwaGrade 12 ngiziphethe kahle ngihlonipha futhi. Kwathi sekungu January laphuma iphepha umama wavuka ngovivi walibhekisa edolobheni ukuze abuye nalo,wathi mayebona igama lami wangivusa ngefoni ngezwa iskhala ngayibamba hallo mah, yazi Emmy mntanami ngiyaziqheya ngawe ave uphase ngamelengiso ngiyeza ngisendleleni nje washo wavala ucingo,ngavuka ngagxumagxuma kwaze kwavuka wonke umuntu layikhaya...sase silinde umama afike,nganela ngambona engena ngesango ngagijima ngaya kuye ngigcwele injabulo ngafike ngamuphuca iphepha eyaliphethe ngesandla ngabheka igama lami ngempela ngalibona Emihle Shabangu.....