25/08/2026
Mhm ππ€
Izintwana zakho King Bhaka kusekude phambili kuzona, uMgibe waduma ngenhlamba ethuka u Khuzani KING Ndlamlenze Mpungose emuthuka ehambisana nezinsizwa ezimbili ezazidume ku Ticktock. ngakho ukuyoca u KHUZANI ngenhlamba, ezibomvu zazibashayela ihlombe labo bantu kodwa kwavela umshophi oyisihluku kakhulu zadlula emhlabeni. Lokho akubanga mnandi neze kwabaningi.
Okuqaphelekayo izolo u Mgibe, a family man a hard working man, a successful man wenze u LIVE ku Ticktock eseka umngani u Thabani Hlatshwayo. Lo Thabani ozama ukulungisa isimo esimoshwe wuye, yena u Mgibe uyasibhebhethekisa uthuka abantu akade bengajabule ngesenzo sika Thabani, as usual ubagaxe inhlamba labo bantu.
Okunye ngo Mgibe no Thabani bathuke uNyazi Lwezulu phambilini nebandla lamanazaretha izikhawu eziningi ngaphandle kwesizathu, bethuka abantu abadala abahloniphekile. Bengithi u Mgibe uzomeseka ngeqiniso u Thabani, since u Mgibe ekwazi ukuthi kubuhlungu kanjani ukulahlekelwa umngani. Ebese ukufa kwakhe kuyamaniswe no Ticktock.
Engingakusho i Digital Footprint iyinkinga kakhulu, ngelinye ilanga siyakhula uma sibheke emuva sibe namahloni ngokuthina bayizolo. Akekho omelwe ukuthi yena afe, kodwa hloniphani amagama abantu abangenze lutho kinina. Phumani kubona, nibamoshela ama Brand & Reputation yabo.
Mgibe yiba umngani weqiniso, into uma isidlulile noma isiphela, akudlulwe kuyo. Ungalokhu uyivuselela ngoba wena uthola i pleasure kuyo and ikukitaza kamnandi.
Siyabonga π₯