Uthukela News Times Plus

Uthukela News Times Plus "Izindaba zasoThukela zinjengoba zinjalo." To report news and business: 083 2972 906

KUHLANGENE AMATSH*TSHI NAMABUTHO EZIMBABWE KUBUNGAZWA OLUKAMZILIKAZIUsuku lweNkosi uMzilikazi lubungazwa njengomcimbi ob...
05/09/2026

KUHLANGENE AMATSH*TSHI NAMABUTHO EZIMBABWE KUBUNGAZWA OLUKAMZILIKAZI

Usuku lweNkosi uMzilikazi lubungazwa njengomcimbi obalulekile kubantu bamaNdebele kanye nomlando waseZimbabwe.

INkosi uMzilikazi kaMashobane, owaphila cishe phakathi kuka-1790 no-1868, yahola abalandeli bayo baya enyakatho ngesikhathi seMfecane, yagcina isungule umbuso wamaNdebele endaweni manje eyiseningizimu-ntshonalanga yeZimbabwe.

Idolobha lakwaBulawayo libalulekile emlandweni wakhe, njengoba laba yindawo eyinhloko yombuso wamaNdebele.

Kulo nyaka, amaqembu amatsh*tshi namaButho afike eMhlahlandlela Royal Palace kwaBulawayo, lapho kugujwa khona amagugu, amasiko kanye nobuholi beNkosi uMzilikazi.

Le mikhosi iphinde ibe yithuba lokuhlonipha ukuqina kwesizwe samaNdebele nokugcina umlando waso uphila.

UMzilikazi naye unendawo ebalulekile emlandweni wesifunda sase-Afrika eseNingizimu, njengoba umsuka wakhe uxhumene neKwaZulu-Natal.

AMAPHOYISA ABHADAME IZIMPHAHLA ZOMGUNYATHI EZINGAMANGA EZINGABIZA NGAPHEZU KUKA-R1.5 MILLION E-JOHANNESBURGAmaphoyisa ab...
05/09/2026

AMAPHOYISA ABHADAME IZIMPHAHLA ZOMGUNYATHI EZINGAMANGA EZINGABIZA NGAPHEZU KUKA-R1.5 MILLION E-JOHANNESBURG

Amaphoyisa abambe izimpahla zezemidlalo zomgunyathi ezibiza ngaphezu kuka-R1.5 million endaweni yokugcina impahla eJohannesburg C*D, ngaphambi komdlalo ozayo phakathi kwamaSpringboks nama-All Blacks.

I-SAPS, ibambisene nezinye izinhlaka zomthetho nabamele abanikazi bamalungelo emikhiqizo, ithathe izinto ezingaphezu kuka-1 700 ngesikhathi somkhankaso wezobunhloli obuhlelwe kuleli sonto.

Phakathi kwezinto ezitholakele kukhona izingubo nezicathulo zezemidlalo ezingamanga, okuhlanganisa nezimpahla ezinophawu lwamaSpringboks. Kuphinde kwathathwa amalebula nezitikha ezingamanga, umshini wokufaka uphawu kanye nama-silkscreen plates okusolwa ukuthi kusetshenziselwa ukukhiqiza lezi zimpahla.

I-SAPS ixwayise abalandeli ukuthi baqaphele uma bethenga izimpahla zamaqembu ezemidlalo, ikakhulukazi ngesikhathi semidlalo emikhulu, yathi kufanele bathenge kubadayisi abagunyaziwe futhi babike izimpahla ezingamanga.

i-SAPS IXWAYISA ABASEBENZISA UBUCHWEPHESHE BE-AI UKUZENZA AMAPHOYISAAmaphoyisa akuleli axwayise abantu baseNingizimu Afr...
05/09/2026

i-SAPS IXWAYISA ABASEBENZISA UBUCHWEPHESHE BE-AI UKUZENZA AMAPHOYISA

Amaphoyisa akuleli axwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bacabange kabili ngaphambi kokusebenzisa ubuhlakani bokwenziwa (AI) ukudala nokusabalalisa izithombe ezibakhombisa begqoke iyunifomu yeSAPS noma sengathi bayaboshwa.
2
I-SAPS ithi izithombe ezakhiwe nge-AI nezinhlelo zokushintsha ubuso zingabukeka njengezangempela, futhi zingasetshenziswa ukudukisa noma ukulimaza abanye.

Umphakathi ukhunjuzwe ukuthi ukuzenza iphoyisa kuyicala. Isigaba 68 soMthetho weSAPS 68 ka-1995 siyakwenqabela ukuzenza ilungu leSAPS, kanti isigaba 66 silawula ukusetshenziswa kwamayunifomu, amabheji nezimpawu zeSAPS ngaphandle kwemvume.

I-SAPS iphinde yaxwayisa ngezithombe ezingamanga ezikhombisa umuntu eboshwa, ezingadala umbono wokuthi umuntu wenze ubugebengu obengekho.

UKhomishana waKwaZulu-Natal? Correction: UKhomishana waFree State, uLieutenant General Thabang Lesia, unxuse umphakathi ukuthi usebenzise i-AI ngokuzibophezela, wathi abantu mabacabange ngaphambi kokuthumela izithombe ezinjalo ezinkundleni zokuxhumana.

ISITOLO SAKWAWOOLWORTHS SIZONCIPHISA IZITOLO ZASO ZEMPAHLA YOKUGQOKAI-Woolworths kubikwa ukuthi isezinhlelweni zoshintsh...
05/09/2026

ISITOLO SAKWAWOOLWORTHS SIZONCIPHISA IZITOLO ZASO ZEMPAHLA YOKUGQOKA

I-Woolworths kubikwa ukuthi isezinhlelweni zoshintsho olukhulu njengoba izonciphisa izimpahla zokugqoka ezitolo zayo, ukuze igxile kakhulu ekudleni, ezimpahleni zasekhaya kanye nasemikhiqizweni yobuhle.

Umphathi omusha waleliketango lezitolo, uSam Ngumeni, uthi lezi zigaba zizosetshenziswa ukuqinisa ubudlelwano namakhasimende nokuhlangabezana nezidingo zawo ezahlukene.

Ngonyaka wezimali ophele ngoJuni 2026, ukuthengiswa kwezimpahla zasekhaya kukhuphuke ngo-11.7%, kanti ezobuhle zikhule ngo-7.9%. Lokhu kuqhathaniswa nokusebenza okubuthaka kakhulu kwesigaba sezingubo zokugqoka.

Inkampani ithi izosebenzisa kahle indawo ezitolo, isuse imikhiqizo yokugqoka ehamba kancane, yandise indawo yokudla, Home neBeauty.

UNgumeni uphinde waphawula ngokuthi ezinye izitolo zingagxila kakhulu ekudleni nasezimpahleni zasekhaya, kanti izitolo ezincane ze-WEdit zizoqhubeka.

Kuthiwa bekungemoya bekufiwa eKapa izolo nangoLwesine bekusinda ofake amatshe emaphaketheni!
05/09/2026

Kuthiwa bekungemoya bekufiwa eKapa izolo nangoLwesine bekusinda ofake amatshe emaphaketheni!

I-MK IFUNA I-IEC ICHAZE UKUTHI YINI EDALE IZINKINGA EKUBHALISWENI KWAMANYE AMALUNGU ANGENELE UKHETHOI-MK Party isole i-A...
05/09/2026

I-MK IFUNA I-IEC ICHAZE UKUTHI YINI EDALE IZINKINGA EKUBHALISWENI KWAMANYE AMALUNGU ANGENELE UKHETHO

I-MK Party isole i-ANC ne-IEC ngokuthi akumele kube khona ukuguqulwa noma ukwelulwa komnqamulajuqu wokufakwa kwezinhlu zabangenele ukhetho lohulumeni basekhaya.

Esitatimendeni esikhishwe mhla zintathu kuSepthemba 2026, i-MK Party ithe yona ikwazile ukuqedela ukufaka izinhlu zayo ngaphambi komnqamulajuqu owawubekiwe.

Leli qembu lithe likhathazekile ngemibiko yokuthi i-ANC yehlulekile ukuqedela ezinye zezinhlu zayo, kanti iqembu libeka lokho ezinkingeni zobuchwepheshe ohlelweni lwe-IEC.

I-MK Party ifuna i-IEC ichaze esidlangalaleni ukuthi kwenzekeni nokuthi yiziphi izinhlu ezithintekile, uma ngabe kube khona iphutha lobuchwepheshe.

Leli qembu lithi imithetho kufanele isetshenziswe ngokulinganayo kuwo wonke amaqembu, ligcizelela ukuthi “umqamulajuqu wokhetho awusona isiphakamiso.”

Isimo sezulu sanamuhla
05/09/2026

Isimo sezulu sanamuhla

Kulalwe kunje eMlazi izolo,ngakini besinjani isimo sezulu?
05/09/2026

Kulalwe kunje eMlazi izolo,ngakini besinjani isimo sezulu?

UFUNDISWE NGEZINHLELO  ZEMINYANGO KAHULUMENI UMPHAKATHI  KWA-NGEDLA ENQUTHUUMnyango wakwaSASSA eNquthu, ngokubambisana n...
04/09/2026

UFUNDISWE NGEZINHLELO ZEMINYANGO KAHULUMENI UMPHAKATHI KWA-NGEDLA ENQUTHU

UMnyango wakwaSASSA eNquthu, ngokubambisana noMasipala waseNquthu oholwa uMeya uKhansela IL Shabalala namhlanje bahambele indawo yakwaNgedla ngenhloso yokufundisa nokwazisa umphakathi ngezinhlelo zezibonelelo zikahulumeni kanye nezinsiza ezitholakala kuhulumeni.

Loluhambo luhlanganise iminyango nezikhungo zikahulumeni ezahlukene, kanti lokhu kube yithuba elibalulekile lokusondeza izinsiza zikahulumeni kubantu.

Amakhansela azwakalise ukubonga okukhulu ngalolu hlelo, agcizelela ukubaluleka kokuthi uhulumeni usebenze eduze nomphakathi ukuze uqinisekise ukuthi izakhamuzi ziyazazi izinhlelo ezikhona.

I-COGTA PORTFOLIO COMMITTEE IBONA INTUTHUKO KUMASIPALA WASE-UMZINYATHIIKomidi lePortfolio le-Cooperative Governance and ...
04/09/2026

I-COGTA PORTFOLIO COMMITTEE IBONA INTUTHUKO KUMASIPALA WASE-UMZINYATHI

IKomidi lePortfolio le-Cooperative Governance and Traditional Affairs (COGTA) libone intuthuko eyenziwe uMasipala wase-Umzinyathi, kodwa selinxuse ukuthi kuthathwe ezinye izinyathelo ukuze kubhekwane nezinkinga ezijulile zokuphatha.

Lokhu kuvele ngesikhathi iKomidi libambe i-Section 132 hearing ehhovisi likaMasipala eDundee. Lolu hlelo lusetshenziswa ukugcina omasipala benomthwalo wokuphendula ngemiphumela emibi yokucwaningwa kwamabhuku nokuphathwa kwezimali.

Ngonyaka wezimali ka-2024/25, u-Umzinyathi usuke kuma-audit opinions angagculisi eminyakeni emithathu ilandelana waya ku-qualified audit opinion. Ezitholakele ezingu-54 ku-Audit Action Plan, ezingu-38 sezixazululiwe kanti ezingu-16 zisalindile.

Nokho, uMasipala usebenzise u-99% wesabelomali kodwa wafeza u-40% kuphela wemigomo yawo. Uqhubeka nokubhekana nokushoda kwamanzi ahlanzekile, kanti futhi kubikwa ukuthi uqashe abasebenzi abangaphezu kwesibalo esivunyelwe.

Address

150 Murchison Street, Office No. 4
Ladysmith
3370

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uthukela News Times Plus posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Uthukela News Times Plus:

Shortcuts

Share